Kushone ingane idutshulwa yiphoyisa

2013-02-18 12:03

Johannesburg - Iphoyisa lasePalmietfontein, ngase-Aliwal North, e-Eastern Cape, lisolwa ngokudubula libulale umfana oneminyaka engu-14 ubudala, kusho abe-Independent Police Investigative Directorate, ngoMsombuluko.

Okhulumela i-Ipid uMoses Dlamini uthi umfana udubuleke ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuvimba umphakathi ekuhlanganeni ngaphandle kwemvume, ngoLwesihlanu.

Umphakathi uhlakazekile isikhashana nokho waphinde wahlangana.

"Kusolakala ukuthi amaphoyisa atheleke kule ndawo, afike ahlukumeza izakhamuzi, azidubula."

Amaphoyisa kuthiwa enze lokhu egqoke izigqoko ezifihla ubuso, kuthiwa abafanyana baphoqwa ukuthi bashaye ama-push up, neminye imikhuba eyenziwa uma kujinywa.

"Kuthiwa batshelwa ukuthi abagijime, besagijima amaphoyisa adubula ebhekise ngakubo kwase kushayeka oyedwa washona."

Ingane ishonele endaweni yesehlakalo.

Ngaphansi kwesigaba-33 se-Ipid Act, lokhu kuphambene nomthetho, kusho uDlamini.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesejele uPistorius

Emizuzwini eyi-19 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...