Kushone ingane emlilweni eKapa

2012-10-29 07:32
Yabelani Shicilela

Cape Town - Ingane ishe yaba ngumlotha ngesikhathi umjondolo ebikuwona wokheleka ngomlilo emijondolo yaseKosovo, ePhilippi ngeSonto, kusho uMkhandlu waseKapa.

Okhulumela umkhandlu uWilfred Solomons-Johannes uthe lo mlilo uqubuke ngabo-08:00.

Uthe umlilo ucekele neminye imijondolo emibili eSection C, eFisantekraal, eDurbanville.

“Lokhu kushiye abantu abane besele dengwane."

Uqhube ngokuthi abanye abantu abayisishiyagalombili basale bedinga eHout Bay ngesikhathi kusha umjondolo wabo.

EKhayelitsha, kusale dengwane abantu ababili ngesikhathi kungqongqa umjondolo wabo.

Abathintekile bahlinzekwe ngezinsiza zesikhashana.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...