Kushone indodakazi kaJaji Ngoepe
2012-07-18 14:05
Johannesburg - Kudlule emhlabeni indodakazi yenhloko yamajajai eGauteng uJaji Bernard Ngoepe, kusho ihhovisi lezobulungiswa ngoLwesine.
Okhulumela ihhovisi uLulama Lutihe uthe uJoan Kwena Matlala, 41, ushone ngoMgqibelo, ngemuva kokulwisana nesifo sikashukela.
UMatlala, uzala uMakgabo Bernice Matlala, owatholakala ebulewe emzini wabazali bakhe eLenasia ngoMashi ngo-2006.
"Umndeni ukholwa wukuthi uKwena akaze axole ngokushona kwendodakazi yakhe, yikona okumlimaze kakhulu," kusho uLutihe.
UKwena wagogoda e-University of the North, wase esebenza njengommeli enkampanini iMatlala Attorneys, ePitoli.
Ushone esesebenzela isikhwama i-Road Accident Fund.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA