Kushone indoda engozini yeloli eKZN

2012-11-07 10:01

Johannesburg - Kushone indoda kwathi enye yalimala ngesikhathi kwehla ingozi, iloli ligingqika emgwaqeni onguN3, ngaseMooi River, KwaZulu-Natal.

Okhulumela abahambisa usizo lokuqala bakwaNetcare 911, uChris Botha uthi abatakuli bafice iloli lilele ngomhlane, umshayeli ubethanqazeke ngaphandle kanti umsizi wakhe yena ubebhajwe ngaphakathi.

Kusetshenziswe isinsimbi zokutakula ukuzama ukukhulula indoda lena, nokho ibikade isishonile, umshayeli ungeniswe esibhedlela esiseMgungundlovu.


 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-15°C Morning clouds. Cool. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-13°C Morning clouds. Cool.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 14-16°C Numerous showers. Breaks of sun late. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...