Kushone indoda engozini eKZN
2012-11-16 16:28
Johannesburg - Kushone umuntu oyedwa kwathi omunye walimala ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo ehlanganisa izimoto ezintathu.
Ingozi yehle emgwaqeni ongu-N3 ngaseSherwood, kusho abahambisa usizo lokuqala.
Itekisi iphukele emgwaqeni, enye yama ithi izama ukusiza, imoto yesithathu ishayise lezi zimoto ngaphambi kokuthi ishayise unqenqema, kusho okhulumela abakwaNetcare 911, uChris Botha.
UBotha akachazanga ukuthi umuntu oshonile ubehamba ngayiphi imoto, umuntu olimalile uthole ukwelashwa endaweni yesehlakalo ngaphambi kokuthi aphuthunyiswe esibhedlela.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).