Kushone indoda emlilweni eKapa
2013-01-21 12:02
Cape Town - Kushone owesilisa ngesikhathi kusha umjondolo eKhayelitsha ngoMsombuluko ekuseni, kusho isikhungo esisebenza ngezinhlekelele eWestern Cape.
Okhulumela isikhungo uWilfred Solomons-Johannes uthe umlilo uqale ngabo-03:20 emijondolo eseMakhaza, kanti izakhamuzi zisebenzise amabhakede ukuthwala amanzi ukuzama ukucisha amalangabi.
UDalibuzwe Silayi, 39, ubengaphakathi kulo mjondolo, kanti ushone ngenxa yokusha kabi.
USolomons-Johannes uthe kusolakala ukuthi lo mlilo uqalwe yikhandlela.
Kuvulwe icala ngokufa komuntu.
Kuqubuke imililo eminingi kuleli dolobha ngempelasonto, neshiye ingane yomfana, 3, ishonile kwathi abantu ababalelwa ku-218 basala dengwane.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA