Kushone amaphoyisa engozini eKapa

2012-12-27 08:56

Cape Town - Kushone amaphoyisa amabili engozini eyenzeke ngoKhisimusi eKapa esemsebenzini ngesikhathi iveni yomsebenzi ishayiswa yimoto yohlobo lweBMW.

UConstable Quinton Snell, 33, noGlynis Lorenzo, 38, bashone ngoLwesibili ekuseni, kubika iCape Argus.

Kusolakala ukuthi iBMW ijombe irobhothi elibomvu yase izithela phezu kweveni yamaphoyisa eParow ngabo-02:00, ashona amaphoyisa.

Okhulumela i-ER24 uVanessa Jackson uthe le ngozi ingezinye zeziningi kuleli.

Le ngozi yehle kuDe La Rey Street ngoKhisimusi.

“Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela saseTygerberg."

Ngokwemibiko, lowo okhulumela amaphoyisa uCaptain Frederick van Wyk uthe uLorenzo noSnell bebenza umzungezo owejwayelekile ngesikhathi beshona.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...