Kushone abathathu kuqhuma igesi ePitoli

2012-12-21 12:31

Johannesburg - Kushone abantu abathathu okubalwa nengane ngesikhathi kuqhuma igesi emzini okuBlouberg Street, e-Eersterust, ePitoli, kusho abezimo eziphuthumayo eTshwane ngoLwesihlanu.

Kushone owesilisa nowesifazane kanye nengane kwathi omunye walimala kabi, kusho okhulumela lesi sikhungo uJohan Pieterse.

Olimele uphuthunyiswe esibhedlela kuvalwe amehlo.

"Kubukeka sengathi kuqhume igesi, akwaziwa ukuthi yokheleke kanjani ngomlilo," esho.

Umuzi ucekeleke phansi kabi ngesikhathi kwehla le nhlekelele.

Amaphoyisa ayaphenya.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...