Kushone abathathu engozini eKZN
2013-01-25 16:27
Durban - Abantu abathathu bashonile ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo ku-R612, uma uqeda ukudlula eScottburgh, eSouth Coast, kubika izindaba zeNewswatch.
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi owesilisa oyedwa kanye nabesifazane ababili balahlekelwe yizimpilo zabo ngesikhathi kuginqika iveni ebithwele abantu abangu-15.
Abangu-12 balimale kambi, kusho okhulumela uMnyango uZinhle Mngomezulu, othi umshayeli uhlulwe ukulawula imoto yakhe ejikeni, yase iginqika.
Kushone umshayeli nabesifazane ababili abakade behleli ngaphambili, abalimele bangeniswe esibhedlela iG.J. Crookes.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24