Kushone abathathu emlilweni eKapa

2013-02-04 16:30

Cape Town - Intombazanyana eneminyaka eyisithupha ubudala kanye nabesifazane ababili, bashonile esehlakalweni somlilo oqubuke eMitchells Plain, kusho izikhulu eKapa ngoMsombuluko.

Inganyana yomfana kanye nomunye wesifazane basesimweni esingesihle, kusho okhulumela abezinhlekelele eKapa uWilfred Solomons-Johannes.

Umlilo uqubuke eTafelsig, ngeSonto ebusuku, kushe umuzi nomjondolo ongaphandle.

UMinnie Simmons, 42, Charlene Simmons, 6 kanye no-Amanda Claasen, 19, bashonile kulo mlilo kwathi uChristina Lotz, 67, nenganyana yomfana enamasonto ayisikhombisa ubudala, bona bangeniswa esibhedlela.

Amanye amalungu omndeni ahlinzekwe ngezinsiza ezihlanganisa izingubo zokwembatha, kuyaphenywa imbangela yomlilo.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...