Kushone ababili engozini eSoweto

2012-11-28 08:06

Johannesburg - Kushone abagibeli ababili ngesikhathi kwehla ingozi emgwaqeni omkhulu uN1 ngaphandle kwaseSoweto, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesithathu.

Okhulumela i-ER24 uVanessa Jackson uthe leli tekisi belilibangise eLenasia ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi lishayisa unqenqema.

"Ngesikhathi ishayisa unqenqema ibe isiyagingqika, yahlala phakathi nomgwaqo," esho.

Abosizo lokuqala abebehambele endaweni yesigameko bachaze le ngozi njengenyantisa igazi.

"Bekunowesifazane osemncane, okubukeka sengathi uhlanzwe yileli tekisi ngaphambi kokuthi igingqikele phezu kwakhe," esho.

Isidumbu sakhe sigayeke saphela, washonela lapho.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...