Kushone ababili engozini e-E Cape
2012-11-13 16:25
Johannesburg - Abantu ababili bashonile kwathi abanye abahlanu balimala ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo ku-N2 phakathi kweDutywa neButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
"Iloli lishayisane nezimoto ezimbili, abantu ababili bashonela endaweni yesehlakalo,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha.
Umshayeli oneminyaka yobudala elinganiselwa ku-50 kanye nomgibeli wesifazane oseminyakeni yobudala eko-30, bafe ujuqu.
Abantu ababili ekade besemotweni eyiveni nabanye abathathu ekade beselolini, bona balimele, bangeniswe esibhedlela iButterworth.
“Okwamane imbangela yengozi ayikakazeki, amaphoyisa ayaphenya.”
Amagama abantu abashonile asagodliwe, kuze kwaziswe imindeni.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).