Kushone ababili embhikishweni eSasolburg

2013-01-23 07:39
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kushone abantu ababili emibhikishweni ebiphelezelwa wudlame eSasolburg njengoba izakhamuzi ziphikisana nezinhlelo zokufaka lo masipala ngaphansi kowaseParys.

Omunye ushone ngemuva kokulimala ngesikhathi amaphoyisa edubula ngezinhlamvu zenjoloba ababhikishi abebeyigxoba esiteshini samaphoyisa eZamdela.

Ababhikishi bajikijele amaphoyisa ngamatshe bazama ukungena ngendlov'iyangena esiteshini, kusho uLieutenant General Khela Sithole.

"Isixuku sihlasele amaphoyisa ase nawo eyadubula, nalapho kushone khona umuntu oyedwa," kusho okhulumela amaphoyisa uSam Makhele.

Kuthiwa enye indoda idutshulwe ngumshayeli wemoto ngesikhathi kuqhubeka le mibhikisho.

USithole uthe lesi sigameko sizophenywa yi-Independent Police Investigative Directorate.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone indoda engozini yeloli

Emizuzwini eyi-15 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...