Kushone 7 engozini eMpumalanga
2013-01-14 08:17
Johannesburg - Kushone abantu abayisikhombisa ngaseBalfour ngesikhathi kugingqika itekisi abebehamba ngayo ngoMsombuluko ekuseni, kusho uMnyango wezokuPhepha nokuVikela eMpumalanga.
Okhulumela uMnyango uMoeti Mmusi uthe kuphinde kwalimala kabi abantu abayisishiyagalolunye, nabaphuthunyiswe ezibhedlela eBalfour naseHeidelberg.
Kukholakala ukuthi itekisi iqhunyelwe yisondo, nokube sekudala le ngozi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA