Kushone 6 imoto ishayisa isihlahla

2012-11-12 10:00

KwaZulu-Natal - Abantu abayisithupha bashonile kwathi abayisishiyagalolunye balima besendleleni eya emngcwabeni, ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo ihlangabezana nengozi emgwaqeni u-R61, ngaseMargate, kubika iThe Mercury.

Imoto lena igingqike izikhathi ezimbalwa, ngaphambi kokuthi igcine ngokushayisa isihlahla, laba bebesuka eClairwood belibhekise eFlagstaff, e-Eastern Cape.

Obonile kwenzeka ingozi uThomas Thamsanqa, uthe iveni ebihamba ngemuva kwemoto yakhe igijime yamedlula, yadlula nezinye izimoto ebezingaphambili.

“Ngibone iveni lishayisa unqenqema, liginqika izikhathi eziningi,” echaza.

Okhulumela abakwaNetcare 911 uChris Botha, uthe abantu abane beshonele endaweni yesehlakalo, kwathi ababili baphelela esibhedlela.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uKwanele Ncalane uthi kunethimba elijutshelwe ukwelekelela imindeni elahlakelewe, uthi uNgqongqoshe woMnyango uWillies Mchunu, usedlulise amazwi enduduzo emindenini. 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UMalema uxabane nonogada emhlanganweni

Emizuzwini eyi-40 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 16-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Afternoon clouds. Cool. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...