Kushone 6 engozini eW Cape

2012-12-06 14:02

Cape Town - Abantu ababili abadala kanye nezingane ezine, bashonile ngesikhathi kwenzeka ingozi yomgwaqo kushayisana imoto encane neloli ngaseTouws River.

Izikhulu zomgwaqo eWestern Cape, zithi ingozi yenzeke ngoLwesine ekuseni.

Isikhulu sezemigwaqo uKenny Africa uthe imoto ebihamba ku-N1, isuka eKapa, ishayisane neloli ngezithuba zawo-09:30.

Uthe iloli belisuka eBeaufort West, okuyindawo engamakhilomitha angu-40, ukusuka eTouws River.

Umgwaqo ekwehle kuwo ingozi uvele ubizwa "ngomgwaqo wokufa"

"Kukholakala ukuthi umshayeli wemoto ubanjwe yisithongwana eshayela, imoto yase imphunyuka ingena elolini."

U-Africa uthe izingane ziseminyakeni ephakathi kuka-12 no-15 ubudala, zehlakalelwe yingozi ziyobona ubaba wazo.

Umshayeli weloli uphume engenamyocu, sekucelwe abashayeli ukuthi baqaphele njengoba kuyisikhathi samaholidi, kunesiphithiphithi.


 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...