Kushone 5 bejahana ngezimoto

2013-01-02 11:01

Johannesburg - Abantu abahlanu bashonile kwathi abathathu balimala kambi ngesikhathi kunomjaho wezimoto ongagunyaziwe eKagiso, eWest Rand.

Abezindaba zeSowetan bathi umuntu obehamba ngezinyawo, oneminyaka engu-78 ubudala, ushonile kanye nabanye abane abakade besemotweni eyiveni.

Kuthiwa umshayeli uhluleke ukulawula imoto yakhe yase ishayisa ibulala uNko Motshwane, 78, obeya emathuneni ehamba nendodakazi yakhe.

Imoto yesibili ibalekile.

"Abantwana bethu abalaleli, lena yimiphumela,” kusho uJaftha Motsumi, ongumalume kaThapelo Seloro, ongomunye wabashonile.

"Ngemuva kwesehlakalo esehlela umculi uJub Jub (Molemo Maarohanye), ubungaze wethembe ukuthi kukhona abazofunda isifundo,” esho etshela abezindaba.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.
 


 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 16-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Afternoon clouds. Cool. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...