Kushone 4 engozini yebhasi eBloemfontein

2012-12-27 09:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kushone abantu abane ngesikhathi ibhasi ibalekela inyamazane yase iyagingqika ngaphandle kwaseBloemfontein, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesine ekuseni.

"Kulimale abanye abagibeli abangu-14, okubalwa nomshayeli, abanye bathole ukwelashwa endaweni yesigameko bayiswa ePelonimi Hospital naseMediclinic Bloemfontein ukuze bayothola olunye usizo," kusho okhulumela i-ER24 uVanessa Jackson.

Uthe kufike obethunywe yinkampani yebhasi elisengozini ukuthatha imithwalo yabagibeli ukuze iyogcinwa endaweni ephephile.

Le ngozi yenzeke ngesikhathi umshayeli ezama ukuvika inyamazane ebisemgwaqeni.

Leli bhasi belilibangise eGoli, lisuka e-Eastern Cape.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-20°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...