Kushone 4 engozini eKrugersdorp
2013-01-01 14:00
Johannesburg - Abantu abane bashonile ngesikhathi iveni elithutha impahla lishayisa umuntu obehamba ngebhayiiskili, eKrugersdorp, kusho abahambisa usizo lokuqala.
"Kubukeka sengathi umuntu phamba ngebhayisikili ushayiswe yiveni, washona ngaleso sikhathi," kusho okhulumela abakwaNetcare 911, uSanti Steinmann.
Uthe iveni libe seliginqika kwashona abathathu ebebephakathi, abanye abathathu bathola ukulimala.
Oyedwa kwabalimele uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).