Kushone 4 engozini eKapa
2012-10-15 07:48
Cape Town - Kushone abantu abane kwathi abayisihlanu balimala ngesikhathi kushayisana izimoto eziningi eMacassar, eKapa, kusho uMnyango wezeMpilo eWestern Cape.
Okhulumela uMnyango uKeri Davids uthe kushayisane izimoto ezintathu emgwaqeni onguthelawayeka uN2 ngeSonto.
Kushone abantu abane endaweni yesigameko, kwathi abathathu balimala kanzima, abanye ababili nabo bathole ukulimala.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA