Kushone 4 engozini eKZN
2013-02-04 12:00
Durban - Kushone abantu abane engozini eyehle phakathi kweloli nemoto encane ogwini olusenyakatho neKwaZulu-Natal, kubika iNewswatch.
Bonke abashonile bebesemotweni encane ngesikhathi behlelwa yile ngozi phakathi kwaseDarnall naseZinkwazi ngabo-05:00 ngoMsombuluko.
Kukholakala ukuthi laba abesifazane ababili nabesilisa abashonile ngabantu basendaweni.
UDaryl Bronkhorst we-IPSS Medical Response uthe bafike endaweni yesehlakalo bazithela kulesi sibhicongo.
"Imoto icishe yawela ngale konqenqema."
"Kusithathe imizuzu ephakathi kuka-20 no-15 ukuhlukanisa lezi zimoto, kudingeke kusetshenziswe nezindlawu ukuzisika. Abebeselolini bathole imihuzukwana."
Khonamanjalo, kulimale abantu abangu-29 ngemuva kwengozi yamatekisi amabili kuMngeni no-Isaiah Ntshangase Road eThekwini.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24