Kushone 3 engozini eDe Doorns

2012-12-14 07:53

Johannesburg - Kushone abantu abathathu engozini ebandakanya ibhasi netekisi eDe Doorns, kusho abezimo eziphuthumayo eWestern Cape ngoLwesihlanu.

Kulesi sigameko kulimale abantu abangu-21, phakathi kwabo kubalwa izingane eziyisikhombisa nosana, kusho okhulumela ithimba lezimo eziphuthumayo uKeri Davids.

Uthe le ngozi yenzeke emgwaqeni omkhulu uN1 ngoLwesine ebusuku, kanti imbangela yayo ayicaci.

"Abosizo lokuqala bathathe izidumbu zabashonile abebesetekisini, base benikezela ngosizo lwezempilo kwabalimele," esho.

Abalimele baphuthunyiswe eWorcester Hospital.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Showers late. Increasing cloudiness. Cool. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...