Kushone 3 emlilweni eKapa
2012-06-29 10:04
Cape Town - Kushone owesifazane nezingane ezimbili ngesikhathi kusha umjondolo abebehlala kuwo eCrossroads ngoLwesihlanu, kusho ithimba elibhekelele izinhlekelele eKapa.
Okhulumela leli thimba uWilfred Solomons-Johannes uthe uSinoxolo
Nyakaza, 23, nondodakazi yakhe eneminyaka emithathu ubudala nenye ingane, 3, bashone emlilweni oqubuke kuNoxolo Street ngabo-06:00.
Imbangela yomlilo ayikacaci.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA