Kushone 2 kuphangwa eKZN
2012-08-30 07:43
Johannesburg - Kushone abantu ababili, unogada nosolwa ngokuphanga, ngesikhathi kuqubuka impi yezulu lezandla kubanjwa inkunzi imoto yemali eMpangeni, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesine.
Labo nogada bebeyolanda imali ebhange ngabo-11:30 ngoLwesithathu ngesikhathi behlaselwa amadoda amane abehlome ngezibhamu, kusho uColonel Jay Naicker.
"Onogada babe sebebuyisela nabo ngenhlamvu, bebulala umsolwa. Laba abanye abathathu babe sebeyabaleka ngemoto beshiya lo oseshonile nemali ngemuva," kusho uNaicker.
Kube sekwaziswa amaphoyisa, nabe esejaha le moto aze ayifica, kwaqubuka ezinye futhi izibhelu, kwalimala abasolwa ababili.
Owesine umsolwa usagcwele amathafa.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA