Kushone 2 kuphahlazeka indiza eKapa
2013-01-10 11:02
Cape Town - Abantu ababili bashonile ngesikhathi kuphahlazeka indiza encane ngaseKlipheuwel eWestern Cape, ngoLwesine ekuseni, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
Okhulumela abakwa-ER24 uVanessa Jackson, uthi abahambisi bosizo lokuqala kanjalo nabatakuli babizwe ku-R304, la kwenzeke khona ingozi.
"Ngesikhathi abahambisi bosizo betheleka endaweni yesehlakalo, bekungasekho okungenziwa, bese lidume ledlula. Izidumbu zabagibeli bezishe kakhulu," kusho isitatimende.
UJackson uthe awukabi khona umbiko ophelele ngengozi, wathi kuzokwenziwa uphenyo.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).