Kushone 2 engozini eSoweto

2013-02-25 07:46
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kushone amadoda amabili kwathi amanye amabili alimala ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo ishayisa uphawu lomgwaqo emgwaqeni omkhulu eSoweto, kusho amaphoyisa kaMasipala waseGoli ngoMsombuluko.

UChief Superintendent Wayne Minnaar uthe umshayeli weFord Focus emnyama uhlulekile ukuyilawula yashayisa ngabo-03:30 ngoMsombuluko.

"Kushone umshayeli nomgibeli obehlezi ngaphambili kwathi abanye abalimalile baphuthunyiswa eChris Hani Baragwanath," kusho uMinnaar.

Amaphoyisa abe esethola ukuthi le moto ibiyebiwe eRoodepoort ngenyanga eyedlule.

Kuqhutshwa uphenyo.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 12-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 11-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 5-22°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 12-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...