Kushone 2 engozini eKZN
2012-11-09 10:01
Durban - Kushone abantu ababili kwathi abayisihlanu balimala ngesikhathi kushayisana izimoto emgwaqeni omkhulu uN2, ngaseSikhawini, eRichard's Bay ngoLwesihlanu, kusho abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal.
OweNetcare 911 uChris Botha uthe kushone owesifazane nengane yentombazane, 6, kule ngozi.
Abanye abantu ababili balimale kabi kwathi abathathu bathola imihuzukwana.
Imbangela yengozi ibingakacaci.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA