Kushone 11 engozini yendiza

2012-12-06 14:02

Pretoria - Abantu abangu-11 abebesendizeni yombutho wezempi ephahlazeke ezintabeni eDrakensberg, kuqinisekiswe ukuthi bashone bonke, kusho uMnyango wezokuVikela ngoLwesine.

Okhulumela lo Mnyango uyiphikile imibiko yokuthi laba bekuyithimba lezempilo ebelilibangise ekhaya likalowo owayengumengameli uNelson Mandela.

"Kule ndiza bekukhona abasebenzi abayisithupha nabagibeli abayisihlanu kanti abekho abasindile," kusho uMnyango esitatimendeni.

Indiza iC-47 Dakota isuke enkambini ePitoli ngoLwesithathu kanti ibilibangise eMthatha, e-Eastern Cape ngesikhathi iduka ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle, kusho uMnyango.

Odokotela abangaphansi kwalo mbutho abanakekela impilo kaMandela bajwayele ukuhamba ngalo mgudu uma beya emzini kaMandela, eQunu.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...