Kushone 10 ezikhukhuleni eLimpopo

2013-01-23 10:03

Johannesburg - Kushone okungenani abantu abayishumi ngesikhathi kunezikhukhula eLimpopo kuleli sonto eledlule, kusho umbiko ngoLwesithathu.

Izifunda eziningi enyakatho neLimpopo zisalinde usizo, kusho okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana, ukuHlaliswa kwaBantu neziNdaba zoMdabu, uDieketseng Diale etshela iBeeld.

Umbutho wezamasosha asemoyeni nabezimo eziphuthumayo basebenzise izindiza ezinophephela emhlane ukuhlenga abantu.

UDiale utshele leli phephandaba ukuthi basathungatha abantwana ababili eMusina, njengoba kushone abantu abayisithupha eVhembe District abane bashona eMopani District.

Babalelwa ku-95 abantu abatakulwe eKruger National Park.

Abezokutakula eLimpopo bathi bahlenge abantu ababalelwa ku-300 kusukela ngoLwesibili.

Abasebenzi basemapulazini abashadile, basePontdrif uXander Mokwena nonkosikazi uSakhile Tlou, basindiswe ukuqhwakela esihlahleni nengane yabo bebalekela izikhukhula.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...