Kushoda ubufakazi ngeMarikana - Uphenyo
2013-01-21 14:03
Johannesburg - Kunokuphazamiseka kobufakazi obuphelele ngalokho okwenzeka ngesikhathi kudutshulwa abavukuzi emayini yaseMarikana, kusho iKhomishana kaFarlam, eqhuba uphenyo.
Lokhu kuvele ekuqhubekeni kokulalelwa kobufakazi eRustenburg, ngoMsombuluko.
Omele imindeni engu-34 yabashona u-Advocate Dumisa Ntsebeza, uthi uyehluleka ukuthola umfanekiso walokho okwenzeka.
Utshele abalalele ubufakazi ukuthi uBrigadier Zephania
Mkhwanazi, wamazisa ukuthi i-video yalokhu okwenzeka ayikho.
"Kungenzeka ukuthi yahlakazwa i-video. Lokho engikwaziyo ngizokubeka obala," kusho uMkhwanazi.
UNtsebeza uthe kuyaphazamisa ukungabi khona kwe-video ekhombisa ukuziphatha kwamaphoyisa ngesikhathi sokudubula.
"Ungaqinisekisa ukuthi awubanga yingxenye yethimba elilacubungula i-video yamaphoyisa?" kubuzwa uMkhwanazi
"Angikaze. Asikaze sibe nayo imihlangano la khona sasicubungula ukuziphatha kwamaphoyisa okwaqoshwa yi-video."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA