Kushoda igazi eKZN
2012-06-06 12:59
Durban - Inhlangano ethekelisa ngegazi iSA National Blood Service, inxenxa abantu esifundazweni iKwaZulu -Natal ukuthi banikele ngegazi njengoba kuza amaholidi okuvalwa kwezikole, kubika iNewswatch.
Okhulumela iSANBS uGail Northard uthi izikole kanjalo nezikhungo zemfundo ephakeme zingenisa igazi eliyisilinganiso sika-45%, uthi okwamanje angeke bahambele zikole ngoba kuqalwa ukuhlolwa.
UNorthard uthi isifundazwe sisele negazi elanele izinsuku ezintathu kuphela, uthi lesi silinganiso singehla nanini.
"Kuze sizogwema inhlekelele siyacela ukuthi abantu banikele ngegazi phakathi kukaJuni noJulayi. Lokho kuzosiza sikwazi ukubhekana nezingozi ezingase zehle ngesikhathi samaholidi," echaza.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24