Kushiswe izitimela eMabopane

2012-10-12 10:04

Johannesburg - Kucekelwe phansi ngomlilo izitimela ezimbili zakwaMetrorail, eMabopane, kusho inkampani ngoLwesihlanu.

Amakhoshi amahlanu akade enabagibeli, ashile ngesikhathi kushiswa isitimela esiteshini iKopanong, kwathi e-Akasia kwasha ikhoshi eyodwa ngesikhathi kushiswa isitimela.

Zombili lezi zitimela bezibhekise amabombo eMabopane, zisuka eKoedoespoort, kusho okhulumela uMetrorail uLillian Mofokeng.

UMofokeng uthi ayikazeki imbangela yemililo, kulinyazwe amanye amakhoshi alezi zitimela, akekho umuntu ekubikwe ukuthi ulimele.

Inkampani isicele abagibeli ukuthi bazame ukuthola ezinye izinto zokugibela, njengoba kuphazamiseke izitimela nje.

"Ngenxa yokucekeleka phansi kwempahla, angeke ukwazi ukuqhubeka umsebenzi okwamanje. Abagibeli bayayalwa ukuthi bathole ezinye izindlela abazofinyelela ngazo emsebenzini, kuze kuqedwe ukulungiswa umonakalo," kusho imeneja yakwaMetrorail eGauteng, uTembela Kulu.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...