Kushiswe imoto yentatheli KwaMashu
2012-11-26 08:03
Durban - Amaphoyisa ahlulekile ukulawula izibhelu phakathi kwabalandeli beNational Freedom Party (NFP) neNkatha Freedom Party (IFP) KwaMashu, eThekwini, kusho umbiko.
Intatheli yeSapa uGiordano Stolley ulahlekelwe yimoto yakhe kulezi zidubedube.
Uthe alinganiselwa ku-100 amaphoyisa abesendaweni yesehlakalo, nalapho kuvinjelwe khona umholi weNFP uZanele KaMagwaza-Msibi ukuba angene esigcemeni sakwa-A kuleli lokishi.
Kuthiwa iqulu lamalungu e-IFP, ebeliphethe izinduku, amabhodlela nozizenze livimbe indlela.
Owamaphoyisa uColonel Vincent Mdunge uthi akukaboshwa muntu.
Okhulumela iNFP uNhlanhla Khubisa uthe: "Sihlaselwe ngamatshe kwalimala kabi izimoto."
Owe-IFP uMdu Nkosi uthe bayazwelana noStolley.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA