Kushayisane izitimela ePitoli
2013-01-31 10:03
Johannesburg - Kulimale abantu ngesikhathi kushayisana izitimela ezimbili emzileni wazo ophakathi kwaseCor Delfos neSaulsville, ngasePitoli, ngoLwesine ekuseni, kusho abezimo eziphuthumayo eTshwane.
Okhulumela abosizo lokuqala uJohan Pieterse uthe esinye sezitimela besimile kujantshi ngesikhathi sishayiswa esinye.
"Idlanzana labantu lilimale kabi kanjalo nomshayeli wesinye isitimela. Usavaleleke ngaphakathi esitimeleni," kusho uPieterse.
Eminye imininingwane ngalesi sigameko izolandela ngokuhamba kwesikhathi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA