Kusetshenziswe usisi olukhalisa unyembezi emayini

2012-11-01 14:57

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asebenzise usisi olukhalisa unyembezi ukuzama ukuhlakaza abavukuzi esitelekeni esisemayini iForbes & Manhattan Coalm, eDundee ngoLwesine.

Ngokwabavukuzi namaphoyisa asendaweni yesigameko, abasebenzi bebebhikisha ngaphandle kwale nkampani yemayini.

Ababhikishi bazame ukuvimbela onogada bakwaMbube Security ukuba bangene kule mayini.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker akakwazanga ukusheshe aphawule ngalesi sigameko.

NgoLwesithathu, amaphoyisa athi kudutshulwe kwabulawa abavukuzi ababili ngesikhathi bedutshulwa ngonogada emayini engaseDannhauser.

Isikhulu seMbube Security uStuart Cumming ukuphikile ukuthi onogada baxoshe abavukuzi.

Uthe abavukuzi bebezama ukungena lapho kugcinwa khona iziqhumane zasemayini.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Jhb: 2-16°C More sun than clouds. Cool. Bloem: 0-12°C More sun than clouds. Cool.
Dbn: 10-13°C Numerous showers. Mostly cloudy. Quite cool. PE: 8-14°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...