'Kusetshenziswa "imali yegazi" ukuthenga amavoti'

2011-11-01 08:17

Johannesburg - UNobhala Jikelele weSACP uBlade Nzimande usole umbimbi olunxantathu ngokusebenzisa "imali yegazi" ukuthenga amavoti okhethweni lobuholi, kusho umbiko ngoLwesibili.

UNzimande utshele iBusiness Day ukuthi i-African National Congress, iCongress of SA Trade Unions neSACP basebenzisa imali ukuthola amavoti.

"Imali yegazi, nevamise ukutholakala ngenkahlakalo. Bathenga abantu ngayo...kumele siwubulale lowo mkhuba," esho.

"Uma labo bantu bengase bawuthole uhulumeni wethu bangenza noma yini ukuwudayisa ukuze bathole imali."

UNzimande uthe amalungu ombimbi abheke kakhulu odabeni lwezikhundla, nokuvimbela uhulumeni ukuthi wenze umsebenzi ofanele.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

- Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...