Kusemnyama ngozongena kwesikaZweli Mkhize

2013-01-22 12:12

Durban - Kubukeka sengathi i-ANC isadunguzwa emsanini ngozongena ezikhaleni sikaDkt Zweli Mkhize sokuba nguSihlalo noNdunkulu wesifundazwe KwaZulu-Natal.

Amagatsha e-ANC athe aselindele abaphezulu ukuba bavume ukuba kudingidwe eyalowo ozongena kwesikaMkhize.

UMkhize wakhethelwa kwesokuba nguMgcinimafa weqembu i-ANC kuzwelonke engqungqutheleni eyayiseMangaung ngoDisemba, okungumsebenzi azowenza ngokugcwele.

Isinqumo ngekusasa lakhe sizothathwa emhlanganweni obhekwe ngabomvu weProvincial General Council (PGC) ozoba esikhathini esingasekude ukusuka manje.

“Lolu udaba lwesifundazwe ngakho thina njengamagatsha akukho esingakwenza okwamanje,” kusho uNobhala wesifunda esiseningizimu nogu uMzwandile Mkhwanazi.

Kanti uNobhala wesifunda saseThekwini uBheki Ntshangase naye usho okufanayo.


 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 2-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 8-23°C Sunny. Mild. PE: 13-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...