Kusazoxoxwa kabanzi ngeyaseMarikana

2012-10-29 14:03

Johannesburg - UNgqongqoshe wezobuLungiswa uJeff Radebe usenxuse ikhomishana ephenya ngesaseMarikana ukuba ilungise umthetho othi kumele kukhokhelwe imindeni yabashona, kusho isikhulu ngoMsombuluko.

"UMnyango uxhumane nekhomishana namhlanje ekuseni ngoMsombuluko ngenhloso yokuzwakalisa izinhloso zayo ngesiphakamiso sayo kumengameli ngaphambi kokushona kwelanga namhlanje," kusho okhulumela ungqongqoshe, uMthunzi Mhaga esitatimendeni.

"UMnu Jeff Radebe uzwakalise ukuzisola ngokudideka okudalwe yisinqumo esithathwe wumnyango ngoMgqibelo owedlule."

NgoMgqibelo, uMnyango uthe ngeke usaqhubeka nokukhokhela amalungu emindeni eyashonelwa ukuzothamela ikhomishana eRustenburg.

UMnyango uthe uncamela ukuthatha le mali iyinike imindeni njengoba ithwele kanzima kulandela ukulahlekelwa ababesebenza kuyona.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...