Kusathungathwa abanye abasolwa kolwasePMB
2012-06-27 14:31
Pietermaritzburg - Amaphoyisa azimisele ngokubopha abanye abasolwa kulandela ukuhlaselwa kusetshenziswa isihluku ebantwini abayisishiyagalombili bokufika eMgungundlovu, kwashona ababili, kubika iNewswatch.
Abasolwa abayisithupha kulindele ukuthi bavele enkantolo mayelana nalesi sigameko sangeSonto esenzeke eMpumelelo elokishini laseFrance.
NgoLwesibili, kuvele enkantolo abasolwa ababili abaneminyaka engu-15 ubudala badedelelwa ezandleni zabazali.
Lokhu kuhlasela kwenzeke ngesikhathi kufa imoto yezisulu ngesikhathi ziphuma edolobheni seziya ekhaya ezintatha ngeSonto.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe kusolakala ukuthi basatshiswe yindoda ethize nebe isihamba iyobiza abangani bayo.
Laba babe sebeshaywa ngamatshe nangezinduku bagwazwa nangemimese kwashona ababili.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24