Kusalokhu kukubi eKZN ngenxa yemvula
2012-12-11 14:31
Durban - Abantu abayishumi nane sebeshonile njengoba kuqhubeka imvula enamandla ehlasele KwaZulu-Natal, kusho amaphoyisa kamasipala waseThekwini ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa u-Eugene Msomi uthi kuwe imikhukhu, abanye bakhukhulwa amanzi ngoMsombuluko ebusuku.
Kushone izingane ezintathu ngesikhathi kukhukhuleka imikhukhu eBayview, naseClaremont.
AbakwaNational Sea Rescue Institute bathe izingane eziyisithupha nomuntu omdala oyedwa banyamalele eMzinto.
Laba kukholakala ukuthi baminze emfuleni, namanje bebengakatholakali.
Okhulumela abakwaNSRI uCraig Lambinon uthi isimo sezulu esingesihle yiso esenza kube nzima ukuthungatha kahle abanyamalele
Abahlali abalinganiselwa ku-300 baseLadysmith, KwaZulu-Natal, balinyalelwe yizindlu ngesikhathi kuwa isichotho.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).