Kusalindeleke amakhaza nemvula kuleli

2012-09-07 13:44

Johannesburg - Kulindeleke ezinye izimvula namakhaza azoshubisa umnkantsha ezingxenyeni zezwe, njengoba izimvula sezidale umonakalo, kusho iSA Weather Service ngoLwesihlanu.

Okhulumela iSA Weather Service uKenosi Machepa uthe izimvula ezinamandla zilindelekile ezingxenyeni ezisenyakatho yeKwaZulu-Natal, isezintabeni zaseMpumalanga kanye namaphakathi neLimpopo ngoLwesihlanu.

"Amazinga azobe efudumele ezingxenyeni eziningi zezwe, kodwa kuzobe kubanda eGauteng naseMpumalanga."

UMachepa uthe kulindeleke ukuba izimvula ziphele ngoMgqibelo ekuseni  ezingxenyeni ezisempumalanga yezwe kanti kulindeleke ukuba amazinga aqale ukushisa kusukela ngawo uMgqibelo.

"Umsinga obandayo uqhamuka ngasentshonalanga uzokwenza kube nezimvula ezindaweni ezingaseningizimu nentshonalanga yezwe ngeSonto."

Kumuke izimoto ezimbili ebhulohweni eValley Drive ngaseWaterfall KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngeke belashwe abafika ne-Ebola kuleli

Emizuzwini eyi-47 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...