Kusakhonya i-ANC eMbabazane

2013-02-20 12:02

Durban - Iqembu i-African National Congress namanje kusayilo eliphethe uMasipala waseMbabazane, ngemuva kokuthi iqembu iNational Freedom Party neNkatha Freedom Party baphakamisa ukuthi abasakwethembi ukusebenza kwemeya nomkhulumeni kamasipala.

INkantolo eNkulu eMgungundlovu yanquma ukuthi iMeya uPhindile Strydom nomkhulumeli kaMasipala uMondli Mkhize, babuyiselwe ezikhundleni zabo, nokwamukelwa kakhulu yiqembu i-ANC.

Ngenyanga eyedlule, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uNomusa Dube wafaka lo masipala ngaphansi kweso lokhozi.

Iphephandaba iThe Witness, labika lathi uMkhize nonogada wakhe uBonginkosi Ndlovu baphuma ngembobo yenalithi ngesikhathi bedutshulwa besemzini kaMkhize eNtabamhlophe.

Ngemuva kokuthi kumiswe lezi zikhulu, imenenja yesigungu yabeka ezikhundleni imeya entsha nomkhulumeni, bobabili abakwi-IFP, kusho uNobhala we-ANC uSihle Zikalala.

UZikalala uthi ngaphansi komthetho iMunicipal Systems Act neStructures Act, ngumkhulumeli kanye nemeneja kamasipala kuphela abangaba nezwi emhlanganweni wesigungu.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 14-26°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C Haze. Warm. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...