Kuquleke iphoyisa kuqhubeka icala eLimpopo

2015-05-07 16:03

Polokwane – Umphenyi ecaleni likasomabhizinisi waseLimpopo osolwa ngokubulala unkosikazi wakhe, uqulekile enkantolo ngesikhathi kufakwa isicelo sebheyili ngoLwesine.

UConstable David Nkuna utshele iNkantolo yeMantshi yasePolokwane ukuthi akakulungele ngokomqondo nangokwemizwa ukuthi aphekwe ngemibuzo.

UNkuna ushayeke phansi ngesikhathi iMantshi uMohamed Shaik ekhipha isinqumo sokuthi aqhubeke nokuphekwa ngemibuzo.

Usomabhizinisi uRameez Patel ufuna ukudedelwa ngebheyili kulandela ukuboshwa ngenyanga eyedlule mayelana nokubulawa kukankosikazi wakhe, uFatima Patel.

UFatima watholakala eshonile emzini walezi zithandani oseNirvada, endaweni yomntakabani esePolokwane.

Kusolakala ukuthi uFatima washaywa kabi, kanti kuze kube yimanje uRameez akakazivezi izingubo ezazigqokwe umkakhe ngelanga lesigameko.

UNkuna uthe akaguli ndawo, kepha ubengathandi ukwethula ubufakazi nokho inkantolo yamphoqa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...