Kuqubuke umlilo ebhanoyini eGoli
2012-11-13 10:01
Johannesburg - Kumile ukuhamba kwendiza ethwala impahla nabagibeli, ebekumele isuke esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, eGoli, kulandela ukuthi kuqubuke umlilo, kusho abakwaAirports Company SA (Acsa), ngoLwesibili.
Kuqhume elinye lamasondo endiza, kwase kuqala umlilo, kusho okhulumela abakwa-Acsa uSolomon Makgale.
Indiza lena bekumele iye eLilongwe, eMalawi, ibilayishe abantu abangu-120 kanye nabasebenzi abayisikhombisa, akekho umuntu olimele kulesi sehlakalo kanti nomlilo ucishiwe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA