Kuqubuke umbhikisho eMariannridge

2012-07-24 10:01

Durban - Amaphoyisa KwaZulu-Natal asiqaphe ngeso lokhozi njengoba kuqhubeka umbhikisho endaweni yaseMariannridge, kubika iNewswatch.

Babalelwa cishe ku-100 abahlali abawotha ubomvu abagcwale izitaladi kusukela ebusuku ngoMsombuluko, bevala umgwaqo uMilky Way ngamathayi avuthayo.

Abanye bababhikishi bajikijele izimoto ezidlulayo ngamatshe.

Umgwaqo obheke eDassenhoek kudingeke ukuthi uvalwe.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe izakhamuzi zishaye phansi ngonyawo zathi ngeke zikhulume namaphoyisa.

Uthi isimo sizinzile kodwa manje.

"Amaphoyisa azamile ukuhlakaza isixuku, kodwa saphendula ngokujikijela amatshe. Kube sekuvulwa icala lokudala uthuthuva emphakathini nokucekela phansi impahla."

Le mibhikisho isike yabonakala naseNtuzuma, Mbumbulu, Greytown nakuMngeni Road lapho izakhamuzi zikhala ngokungabuyiselwa kwezidingo emphakathini.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...