Kuqubuke impi yama-26 nama-28 ePollsmoor
2013-01-25 14:04
Cape Town - Isiboshwa ejele iPollsmoor, sigwazwe amanxeba angu-21 ngesikhathi kuqubuka impi eshiye ezinye iziboshwa eziyisishiyagalolunye zilimele, kusho uMnyango wezamaJele ngoLwesihlanu.
Iziboshwa ezinhlanu zingeniswe ezibhedlela, ngemuva kokuthi kuqubuke impi phakathi kwamaqembu ama-26 nama-28.
"Ababili kulaba abalimele, bangeniswe eVictoria
Hospital eWynberg, kwathi abanye abathathu bangeniswa eGroote Schuur
Hospital," kusho uKhomishana wezamaJele eWestern Cape, uDelekile Klaas.
Impi lena ingeyesibili ukuthi iqubuke kuleli jele esikhathini esiyisonto, phambilini kulimale iziboshwa ezinhlanu ngesikhathi kunempi yeqembu lama-26, kusho uKlaas.
"Ezinye izboshwa sezidedeliwe, ezintathu ezingakadedelwa zisegumbini labagula kakhulu."
UKlaas uthi isimo sesilawulekile kuleli jele, uthi kuthunyelwe ithimba elibizwa nge-Emergency Support Team (EST).
Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sehlakalo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA