Kuqiniswe idolo umndeni woboshwe emazweni

2013-01-11 09:01

Johannesburg - IPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezangaPhandle uMarius Fransman uhambele umndeni kadokotela wakuleli oboshwe e-United Arab Emirates.

UFransman utshele umndeni ngezinhlelo zikahulumeni zokuzama ukusiza uCyril Karabus, kusho okhulumela uMnyango uClayson Monyela, esitatimendeni.

"Iphini likangqongqoshe lazise lo mndeni ukuthi uhulumeni wenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi icala likaKarabus, lithethwa ngokuyikho."

UKarabus ubhekene necala lokubulala nelokuba namaphepha omgunyathi, lona usolwa ngokufa kwentombazane eyabe iguliswa wumdlavuza ophathelene negazi iLeukaemia, neyashona ngo-2002.

Ngesikhathi lo dokotela esebenza esibhedlela iSheikh Khalifa Medical Centre, e-Abu Dhabi, wahlinza intombazane eneminyaka emithathu ubudala, ngemuva kwalokho yashona.

Wamiswa iminyaka emithathu ekutheni aqhubeke nomsebenzi, waphinda wayalelwa ukuthi ahlawule umndeni.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Izogugela ejele indoda yembazo

Emizuzwini eyi-41 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Sunny. Cool. Pta: 17-29°C Showers late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 15-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...