Kuqhunyiswe i-ATM eSoweto

2012-08-24 08:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Iqulu ebelihlome liyizingovolo liqhumise umshini wokukhipha imali, i-ATM, e Bram Fischerville, eSoweto, ezintathakusa ngoLwesihlanu, kusho amaphoyisa aseGauteng.

"Bekungo-02:00. Iqulu lamadoda ebelihamba ngekhumbi nemoto yohlobo lweGolf lingene eSpar oseBram Fischerville laqhumisa i-ATM yaseFNB," kusho uWarrant Officer Kay Makhubela.

"Leli bhomu liqhumile kodwa ayikho imali ethathiwe."

Amaphoyisa aziswe ngalesi sigameko ngumphakathi.

"Kube nempi yezulu lezandla phakathi kwabasolwa namaphoyisa. Sithole amagobolondo ezinhlamvu ezingu-20 ze-AK47," kusho uMakhubela.

Akulimalanga muntu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-16°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. Bloem: 8-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Cool. PE: 9-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...