Kuqalile ukubalwa kwamavoti eMangaung
2012-12-18 10:10
Bloemfontein - Sekuqalile ukubalwa kwamavoti enkomfeni yokukhethwa kobuholi be-ANC nebanjelwe e-University of the Free State ophikweni oluseMangaung.
"Wonke umuntu usevotile. Sekuqalile ukubalwa kwamavoti,"
kusho isikhulu se-Elexions Agency nenikwe umsebenzi wokuqapha ukhetho.
Izithunywa ziqale ukuvota ngoMsombuluko phakathi namabili.
UJohannes Zwane, noyisithunywa saseMpumalanga uthe uvote ngemuva kokushaya kuka-01:00 ngoLwesibili.
"Bengikhathele sengizela futhi kepha ngabekezela ukuze ngithole ithuba lokuvota. Kuhambe kahle konke."
Okhulumela i-ANC uJackson Mthembu uthe imiphumela ilindeleke ngabo-12:00.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA