Kuphephile esibhedlela ekulele kuso uMandela

2012-12-13 12:06

Pretoria - Asaqhinqile namanje esibhedlela amasosha ayisishiyagalombili ajutshwe esibhedlela ekulaliswe kuso loyo owabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela.

UMadiba ulaliswe esibhedlela samasosha i-1 Military Hospital, ePitoli, lolu wusuku lwesihlanu esesibhedlela kanti odokotela bamelaphela isifo esihlobene namaphaphu.

Ekuseni ngoLwesine izimoto zabezindaba zakuleli naphesheya kwamazwe, zibonakale zipakile ngaphandle kwesibhedlela.

Amasosha axosha kwasani okuzama ukusondela ngasesibhedlela, ngaphandle kwemvume, izimoto ezingena esibhedlela zonke ziyahlolwa kuqala.

UTata, 94, waphuthunyiswa esibhedlela ngoMgqibelo, esuswa emzini wakhe, oseQunu, e-Eastern Cape.

Ngonyaka ka-2001, uMadiba wahlala esibhedlela amasonto ayisikhombisa, ngesikhathi elashelwa umdlavuza.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...